NEWS ROOM:
KUBE YIMPUMELELO UKUNIKEZWA NGOKUSEMTHETHWENI KOMGAQO WASE-MBUMBANE–MASAMINI
Kade kuhambeka kanzima usuka eMbumbane Village ulibangise eMasamini Village. Umphakathi wakulezi zindawo zombili ,kuWard 12, wawumane uphakamisa ukulungiswa kwalomgaqo. Ngemuva kokuwulungisa kabusha lomgaqo unikezelwe ngokusemthethweni ,umphakathi ushaye izandla uncoma kwiMeya yaloMasipala Ohloniphekile uCllr. Jabulile Msiya.
Lo mgwaqo uqalwe ngoJulayi 2025 njengoba wethulwe izolo, okusho ukuthi uqedwe ngaphambi kwesikhathi kanti udale amathuba womsebenzi kubantu abawu-19. Ukulungiswa kwalomgaqo usize kakhulu embonini ethutha umphakathi nakubagibeli.
Ekhuluma ngesikhathi sokunikezelwa kwalomgaqo, okaMsiya uqinisekise ukuzobophezela kwaloMasipala ekuthuthukiseni umphakathi waseMzimkhulu. “Lo mgwaqo awuyona ingqophamlando nje kuphela, kodwa uyindlela yophephisa umphakathi nokunika isithunzi umphakathi wakulezi zindawo.” Kuphawula iMeya.
Ikhansela lewadi uMnz Sosibo uthe ukwakhiwa kwalomgaqo uncede ekwenzeni lula ukuhamba kwezimoto kulendawo, ikakhulukazi njengoba bekuye kubenzima nokuhamba kwabafundi nabothisha.
” Umgaqo waseMbumbane–Masamini kulindeleke ukuba uphucule ukuxhumana nokuhambelana kwalezi zindawo ngaphandle kokuphazamiseka nokusabela ukuphepha.” kubeka uSihlalo weKomidi uCllr. Khanyisile Mafuleka.
#doingitforyou
